Isikhangisi
Isikhangisi
Umfundi angayithola yonke imiklomelo kulolu hlobo lombuzo. Okudingekayo ukuthi siqoqe ngendlela
efanele ulwazi oluningi esinalo ukuze sisizakale ukuthola yonke imiklomelo. Yiba namanothi ehlelekile
ozozikhumbuza ngawo ngaphambi kokuyobhala iphepha.
Umfundi onalawa manothi, akadingi nokuthi aze aye emibuzweni; uthi esasifunda nje isikhangisi avele
abone nje ukuthi uhlabene ngoba uvele azibone zonke lezi zinto abefundiswa ngazo eklasini. La
manothi awabhekwe, atadishwe ngaphambi kokuyobhala.
Isikhathi esiningi kuba khona igama lalelo bhizinisi. Uma umbuzo ubuza ukuthi yini ekhangiswayo;
umfundi kumele asho ukuthi ‘ibhizinisi lokukhanda amafriji’ abese eyaligagula lelo bhizinisi. Angasho
ukuthi umkhiqizo wokukhanda amafriji kodwa athi inkampani/ibhizinisi elikhanda amafriji abese
eyaligagula ngoba lisuke linikeziwe esikhangisini.
Kuyenzeka ukuthi into esiyazi iyisimemezelo, mhlambe kuzoba khona umcimbi; kodwa lesi
simemezelo (lo mcimbi) sibhalwe sikhangiswe. Kungaba umcimbi, umncintiswano webhola, umdlalo
webhola kodwa ube eyisikhangiso; kuvezwe izithombe ezithile, kusetshenziswe ulimi esijwayele
ukuluthola ezikhangisini, kuthiwa mhlambe abayofika kuqala bayozuza okuthile, njl. Umfundi
makasho ukuthi kukhangiswa umcimbi, noma umncintiswano webhola, mhlawumbe kunikezwe
ngisho igama lalokho okukhangiswayo. Akusiwona umkhiqizo kuphela okwazi ukuthi ukhangiswe
kodwa kungakhangiswa noma yini.
Ikhasi 1
2. Amasu okukhangisa
Embuzweni wesi-3 kuhlolwa kakhulu ukuthi umfundi uyakwazi yini ukubona amasu okukhangisa.
Ahlukene kathathu.
• Kubhekwa ulimi
Kumele ubheke ukuthi ulimi olusetshenzisiwe luvumelekile yini ukuthi lungasetshenziswa
esikhangisini. Kunolimi:
o Olunxenxayo/oluncengayo. Lolu limi lusetshenziswa umbhali wesikhangisi ngenhloso
yokwenza ukuthi umfundi wesikhangisi enze okuthile ukuze azuze okuthile.
Njengokusukuma ayothenga noma aye kuleyo nkampani ekhangiswayo, noma aye
kulowo mcimbi ukuze azuze okuthile. Uma kuthiwa ‘tomula ulimi oluncengayo’, funda
isikhangisi ubheke ukuthi yikuphi la kuthiwa uma uthenga/usebenzisa lowo mkhiqizo
uzokuzuza/kuzokwenzeka. Uzotomula amagama akuthembisayo ukuthi yini
ezokwenzeka noma izokwenzeka kanjani.
o Olukhohlisayo. Luvunyelwe ezikhangisini ulimi olukhohlisayo. Lujwayele ukuba
yizitatimende ezididiyelayo (general statements), noma amagama angenabo
ubufakazi obuphathekayo. Isib. Mhlambe kuthiwa uzogeza ngale nsipho ukuze
uthandwe yiwo wonke umuntu uma usebenzisa lo mkhiqizo. Kulo mkhiqizo kubalwa
wonke umuntu kodwa ubufakazi abukho. Mhlambe bakhangise umkhiqizo bese bethi
uthenjwa yiwo wonke umuntu/yinkampani/yinhlangano ethize; abukho ubufakazi
bokuthenjwa kwawo lo mkhiqizo. Isibonelo esijwayelekile, esiba sobala kakhulu
ukuthi mhlambe kukhangiswe umuthi wokuxubha kuthiwa wenza umlomo wakho
unuke kahle amahora angama-24. Amahora angama-24 yizinsuku ezimbili,
njengabantu abakhulumayo siphinde sidle, kudala ukuthi imilomo igcine inganuki
kahle noma ngabe ubuxubhe ngamuphi umuthi. Lokhu kuwulimi olukhohlisayo.
Lusetshenziselwani? Okhangisayo usuke efuna ukuthi umkhiqizo uthengwe, futhi
uvunyelwe ukuthi asebenzise ulimi olukhohlisayo. Njengabafundi bolimi, kumele uma
sesihlolwa sikwazi ukulubona lolu limi olukhohlisayo.
o Olunothile. Kusuke kusetshenziswe izaga, izisho nezifengqo. Kumele sikwazi ukubona
lapho Kunolimi olunothile khona uma sifunda isikhangisi. Isib. Imbila yeswela umsila
ngokuyalezela(isaga). Okhangisayo ufuna abafunda isikhangisi baphuthume
bayothenga umkhiqizo bangaze bazisole sebefika usuphelile. Okhangisayo usebenzise
ulimi olunothile kodwa ufuna baphuthume ukuze bezofika usekhona lowo mkhiqizo.
Lokhu kwenzeka nje usazifundela isikhangisi ukuthi ubone lezi zinhlobo zolimi.
o Umbhali uyakwazi ukudlala ngamagama/ngolimi endaweni ethile esikhangisini.
Isib. Mhlawumbe kukhangiswa izicathulo ze-Nike, mhlawumbe amateki e-Nike. Athi
i-Nike entsha. Leli gama ‘entsha’, Okhangisayo udlala ngolimi khona abfundayo
bezobhekisisa ngenye indlela, bese abathandi be-Nike beyabona ukuthi sekuphume i-
Nike entsha bafune ukuyoyithenga ukuze babe nayo. Mhlawumbe Okhangisayo
angabhala athi ‘i-Nike yaseMelika’. Uyazi ukuthi abathengi nabafundi besikhangisi
bayayihlonipha kakhulu iMelika kwezemfashini, bazolangazelela ukuba nawo lo
mkhiqizo maqede baphume bayowuthenga ngobuningi babo. Kwesinye isikhathi
Okhangisayo uyaye athi, ‘Lo mkhiqizo ungowaseNingizimu Afrika’, wazi kahle ukuthi
lo mkhiqizo uzothengwa abantu baseNingizimu Afrika bese beyawuthemba ngoba
udabuka ezweni labo, bese beyawuthenga. Kokunye basuke befuna ukuxhasa
imikhiqizo yezwe lawo, lokho kwenza abafundi besikhangisi baphume ngobuningi
babo bayowuthenga lo mkhiqizo. Omunye angadlala ngamagama athi, ‘Lo mkhiqizo
usuneminyaka eli-10 waba khona’. Okudala ukuthi siwuthembe ngoba kade waba
Ikhasi 2
khona, okusho ukuthi uyasebenza. Omunye athi, ‘i-Sensodyne ehloliwe/yangempela’
ebhala esikhangisini. lapha sesiyabona ukuthi mhlawumbe ngaphandle kwabanye
abakhiqizi, ikhona eminye imikhiqizo ye-Sensodyne kodwa ingombombayi/akusiyo
eyangempela, yena ufuna uthenge ube wazi ukuthi uthenga umkhiqizo
okuyiwonawona. Umbhali wesikhangisi-ke la usuke esebenzisa ulimi ukuze athole
lokhu asuke efuna ukukuzuza. Iyodwa nje into ayifunayo, ukuthi siphume ngobuningi
bethu siyothenga lowo mkhiqizo awudayisayo.
Ikhasi 3
ukuyithola le mali. Bayazivikela ngala magama amancane. Bangabuza ukuthi ‘kungani
la magama ebhalwe ngefonti encane’. Usuyophendula ngokuthi yingoba akafuni
ukuthi kunakeke… (bese uyayisho leyo nto angafuni inakeke). Kungaba ukuthi akafuni
kunakeke ukuthi ibiza inani (bese uyalisho lelo nani), noma akafuni kunakeke ukuthi
akusiwo wonke umuntu ozokwazi ukuthola lolo sizo lokubolekwa imali njengoba ethi
‘kunemigomo nemibandela’. Akwanele ukuthi siphendule sithi, ‘wenzela ukuthi
singanaki’. Yisho leyo nto afuna singayinaki ngoba nasi isikhangisi siphambi kwakho.
• Kubhekwa izithombe
Umkhiqizo okhangiswayo kuze kube nesithombe sawo; uma kuyi-Sensodyne baze babeke
nesithombe sayo, nokunye nokunye. Kwesinye isikhathi kusetshenziswa izithombe zabantu.
Lapha ebantwini akuthathwa isithombe sikanoma ubani. Kuba nesizathu; kuyacatshangwa
ukuthi kuzofakwa abantu abanjani. Umfundi uma ebuka isikhangisi kumele abheke ukuthi
abantu abasesithombeni abobuphi ubulili. Uma kuwumuntu wesilisa osesithombeni,
kungenzeka kube nobudlelwano nalowo mkhiqizo okhangiswayo, okungukuthi owabantu
besilisa/ubhekiswe kubantu besilisa. Bheka futhi nobudala babo. Mhlampe uma kuyingane
encane, kusuke kubhekiswe ezinganeni ezincane. Uma kunabantu abadala, asebegugile
esikhangisini, kusuke kungowalabo bantu. Buka isimo sabo. Babukeka bephatheke kanjani.
Esikhangisini kuvamise ukusetshenziswa kwabantu bemamatheka, okukhombisa ukuthi
bejabule. Yamanisa ukujabula kwabo nalowo mkhiqizo okhangiswayo. Kwesinye sezikhangisi,
bekubonakala amadoda amabili emamatheka, kodwa bekukhangiswa impuphu, induna.
Impendulo ebekufanele ishaye emhlolweni mayelana nalaba bantu, ukuthi Babukeka
bejabulile ngenxa yokuthi basebenzise Impuphu induna maize meal. Uma kuyisithombe
somndeni. Ubaba, umama nengane, kuchaza ukuthi lowo mkhiqizo ulungele umndeni wonke.
Uma kungabantu besilisa nabesifazane, usuke ubhekiswe kwabesilisa nabesifazane lowo
mkhiqizo. Kuyenzeka esikhangisini kube nesithombe sesilwane/isithombe semvelo,
njengothingo lwenkosazana, izinkanyezi. Yamanisa leso sithombe sesilwane/ semvelo/
sothingo lwenkosazana/izinkanyezi nomkhiqizo osuke ukhangiswa. Esikhangisini
esasikhangisa ama-toughees, kwakunesithombe sendlovu. Kwaphendulwa ngokuthi indlovu
inesikhumba esiqinile, lokhu kuhambisana nokuqina kwesikhumba salesi zicathulo ezingama-
toughees. Ungabe sewuthi nje kuyahlotshiswa ngendlovu, Yamanisa isithombe sayo nalokho
okukhangiswayo. Kwesinye isikhathi kusetshenziswa isithombe somuntu owusaziwayo,
okungaba odlala kumabonakude, njengo-Connie Fegurson, ungumdlali owaziwayo
kumabonakude. Kungakhangiswa iphephabhuku bese kusetshenziswa ubuso bakhe
ngaphandle ngoba kuyaziwa ukuthi unabalandeli. Kwenzelwa ukuthi abantu babone yena
bese beyalithenga lelo phephabhuku. Kungaba yisithombe somculi. Omunye umculi wake
wakhangisa inyama ‘i-Kentucky’. Kusetshenziswa lo mculi ukuze abalandela bakhe babone
ukuthi naye uyayidla i-Kentucky bese nabo beyayithenga. Akusikho nje ukuhlobisa.
Ikhasi 4
siyaye sithole izimpawu ezikhomba izinkundla zokuxhumana, njengo-facebook(f), u-twitter, i-
instagram, WhatsApp. Izimpawu zalezi zinkundla zokuxhumana ziyaye zibe khona esikhangisini.
zisetshenziselwa ukuthi kube lula kumfundi wesikhangisi uma efuna ukuxhumana nalaba
abakhangisayo uma enemibuzo noma efuna ukuwuthenga lowo mkhiqizo. Kokunye akubi yizinkundla
zokuxhumana kuphela kodwa kube nezindlela zokuxhumana nabo ukuthi mhlambe bafake inombolo
yocingo/ye-fax/ikheli le-imeyili.
4. Indlela yokuphendula imibuzo ebuziwe. Umfundi makazifundele kuqala amanothi ukuze ezokwazi
ukubhekana nezivivinyo. Kuba lula ukubhekana nemibuzo uma umfundi esheshe wozibonela yena
lokhu. Umfundi makangaqali ngemibuzo yesikhangisi kodwa makaqale afunde sona isikhangisi.
Umbuzo ovamise ukungasali, obuzwa ngezindlela ezahlukahlukene. Lowo umbuzo osuke uhlola ukuthi
amasu esikhangisi uyawabona yini. ’Hlolisisa impumelelo yombhali yokusebenzisa ulimi kulesi
sikhangisi’ (amamaki ma-3). Amasu mathathu. Ulimi, ifonti nezithombe. Wena njengoba kade ufunda,
ufundisiwe ukuthi kukhona ulimi olunxenxayo/oluhehayo, olukhohlisayo, nolunothile. Uma
imiklomelo imithathu, kusho ukuthi hamba esikhangisini uyobheka ukuthi yiluphi naluphi ulimi
olukulesi sikhangisi. Uma usuphendula uzosho ukuthi ‘umbhali usebenzise kahle ulimi ngoba sithola
ulimi olunxenxayo/oluhehayo lapho ethi, bese uyatomula. Sithole ulimi olukhohlisayo lapho ethi, bese
uyatomula. Siphinde sithole ulimi olunothile lapho ethi, uphinde utomule futhi. Le ndlela
yokuphendula iyokwenza umfundi athole yonke Imiklomelo yomithathu. Umuntu ohlolayo usuke azi
ukuthi lukhona loluthathu lolu limi njengoba ebuzile. Kusuke kuhlolwa ukuthi wena mfundi uyalubona
yini; ngakho-ke kubalulekile ukuthi ulutomule, ulugagule ukuthi hlobo luni lolimi.
Omunye ohlolayo angakubuza ngefonti. Nakhona futhi hamba esikhangisini uyobheka izinhlobo
zefonti ezikhona. Imiklomelo uma imithathu, hamba uyobheka izinhlobo ezintathu zefonti. Uzoyithola
enkulu/egqamile, encane netshekile. Kumele usho ukuthi ifonti enkulu/egqamile isemagameni
athini, encane, isemagameni athini, kanjalo netshekile.
Omunye angakubuza ngezithombe. Kwesinye isikhathi asibi sinye, ziba ningana. Hamba-ke uye
esikhangisini uyobheka izithombe ezikhangisiwe. Uma kuyisithombe, bheka ukuthi abantu abanjani;
abantu bobulili obuxubile noma abantu beminyaka ehlukene, bakusiphi isimo, lokho kusho ukuthini.
Omunye angabuza athi, ‘Hlolisisa impumelelo yombhali ekukhangiseni lo mkhiqizo’ (mi-3 imiklomelo).
Lo mbuzo awukutsheli ukuthi mayelana nani, mayelana nolimi noma ini. Lo mbuzo udinga ukuthi
uwaveze omathathu amasu esikhangisi uyawabona yini. Ukuze uthole imiklomelo emithathu, kumele
uphendula kanje: ‘Umbhali uphumelele kahle ekukhangiseni lo mkhiqizo ngoba usebenzise ulimi
(olunxenxayo, utomule), waphinde wasebenzisa ifonti enkulu (uma kuwukuthi inkulu, egameni
eliwukuthi…. ngoba liwumkhiqizo), waphinde wasebenzisa izithombe zabantu ababukeka bejabulile
ngoba basebenzisa lo mkhiqizo’. Usuwahlanganisa wena omathathu la masu esikhangisi ngoba
umbuzo awushongo ukuthi hlolisisa impumelelo yombhali ekusebenziseni okukodwa kwawo.
Ikhasi 5